
Ngomhlaka-25 April 2023 amadoda amane athwesa icala lokubulala owayenguNobhala Jikelele we-ANCYL uSindiso Magaqa kodwa bawaphika onke amacala. UMagaqa wadutshulwa ngoJuly 2017 waze washona emuva kwesikhathi eside esesibhedlela.
Amadoda athweswa amacala nguSbusiso Ncengwa, uSbonelo Myeza, uMlungisi Ncalane(Owahlonzwa njengongakulungele ukuqula icala wafakwa esibhedlela sabaphazamiseke ngokwengqondo) noMbulelo Mpofana.
UMbuso okwamanje usabize ofakazi abangu-8 kuleli cala. Ngomhlaka-22 May 2025 uNcengwa watshela inkantolo ukuthi ufisa ukuhlambuluka ngaphansi kuka-Section 220 we-Criminal Procedure Act 51 of 1977.
OLUNYE UDABA: Bayavela enkantolo abafundi abangu-8 ngelokuhlasela omunye
UNcengwa wafaka nesicelo sokuthi kuqulwe amacala ngokuhlukana, uMbuso wasiphikisa isicelo, udaba lwabe seluhlehliselwa umhlaka-6 June ukuze agonyuluke.
Kuthe ngomhlaka-6 June 2025 eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, uNcengwa wavuma icala lokubulala uMagaqa ngomhlaka-13 July 2017 eMzimkhulu.
Uvume namacala okuzama ukubulala uJabulile Msiya, Nonsikelelo Mafa noNceba Mazongolo.
UNcengwa uvume namacala okucekela phansi impahla okuyimoto kamufi uMagaqa nezabanye.
Ubuye walandisa ngokwenzeka ngaphambi kokudutshulwa kukaMagaqa waveza nezingxoxo aba nazo nabanye abamangalelwa okungoMyeza, uNcalane noMpofana.
UMbuso ukwemukele ukugonyuluka kwakhe, wakuthatha njengokuvuma icala. Ulahlwe yicala njengokugonyuluka kwakhe.
UNcengwa uzobuyela enkantolo ngomhlaka-30 June 2025 ukuze agwetshwe. UMyeza noMpofana bazobuyela enkantolo ngomhlaka-19 June 2025 ukuze banikwe uhlu lwamacala ababhekene nawo kabusha.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
