Usesitokisini umfana, 12, odale ingozi edlule nomphefumulo

Uvalelwe esitokisini eBrakpan e-East Rand umfana oneminyaka engu-12 ubudala kulandela isigameko sokuzijabulisa esidlule nomphefumulo womuntu obehamba ngezinyawo.

Kubikwa ukuthi lo fana ubeshayela ngesikhathi imoto ishayisa umuntu obehamba ngezinyawo oneminyaka engu-14 ubudala ngemuva kokungami ku-stop sign washayisa nodonga lwendlu.

OLUNYE UDABA: Kuphuthunyiswe esibhedlela iziboshwa ‘uwolawola’ ungena engozini eRichmond

Umsolwa oneminyaka engu-12 ubudala unikezelwe emaphoyiseni aseBrakpan, ehamba nomuntu omdala.

Iziphathimandla zikamasipala wase-Ekurhuleni zinxusa abazali ukuthi baqinisekise ukuthi izingane aziyishayeli imoto ukugwema izigameko ezifana nalezi.

eNCA

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)