Kuphuthunyiswe esibhedlela iziboshwa ‘uwolawola’ ungena engozini eRichmond

Amaphoyisa aKwaZulu-Natal aphuthume endaweni yengozi ebandakanya iloli lamaphoyisa ebelithwele iziboshwa lisuka eMgungundlovu liya eKokstad ngoMsombuluko ekuseni.

Iloli lishayise izinsimbi eceleni komgwaqo u-R56 eRichmond ngoMsombuluko ekuseni.

Leli loli belisuka eMgungundlovu libheke eKokstad.

OLUNYE UDABA:I-POPCRU ifuna kuqiniswe ezokuphepha emajele

I-SAPS, abezimo eziphuthumayo, kanye nezinye izinsiza zama-ambulensi eziningi zikuqinisekisile ukuthi zonke iziboshwa ziphuthunyiswe esibhedlela esiseduze.

Okhulumela amaphoyisa eKZN uRobert Netshiunda uthe, “Kulimale iziboshwa namaphoyisa ngesikhathi kwenzeka ingozi.”

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)