Kubalulwe ikhwalithi yempahla yokwakha ngokubhidlika kwesakhiwo eVerulam

UNgqongqoshe woMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda, uDean Macpherson, ukhiphe imiphumela yophenyo lokuqala mayelana nokubhidlika kwesakhiwo esinezitezi ezine eRedcliffe, enyakatho yeTheku, ngoLwesihlanu ntambama.

UNgqongqoshe uthe uphenyo luthole, phakathi kokunye, ukuthi kukhona ukukhathazeka mayelana nekhwalithi yokwakha, ukuthi ukhonkolo osetshenzisiwe wawungaqinile nokuthi azikho izinhlelo zokwakha ezathunyelwa kwiziphathimandla kanye nobugebengu obungaba khona.

Njengoba uphenyo luqhubeka, uNgqongqoshe uthe uMnyango kanye nezinye izinhlaka  bazoqhubeka nokusekela imindeni nemiphakathi ethintekile, baqinisekise ukuthi bayaphendula ngokuphelele, futhi benze umsebenzi wokuvimbela izigameko ezifana nalezi.

OLUNYE UDABA: Kulindeleke ukuba kukhishwa umbiko wokuqala ngenhlekelele yeThempeli laseVerulam

Uthi uMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi Nengqalasizinda, ufisa ukudlulisa amazwi enduduzo emindenini elahlekelwe ngabathandiwe babo kubhidlika isakhiwo eRedcliffe.

UMacPherson uthi bazoqhubeka nokusebenzisana nazo zonke izinhlaka zikahulumeni kanjalo nababambi qhaza abafanelekile ukusekela bonke abalimele kanye nabo bonke abathintekile kulesi sehlakalo.

Le ndawo manje isibekwe ngokusemthethweni njengendawo yobugebengu, kanti futhi izodluliselwa eMnyangweni wezabaSebenzi ukuze uqhubeke nophenyo olusemthethweni kanye nezinye iziphathimandla.

UMacpherson uthi labo abanecala bazobhekana nengalo yomthetho.