I-Enterprise iLembe isikulungele ukwamukela izivakashi kulama holidi

I-Enterprise iLembe yethule isimo sokulungela isikhathi samaholidi kwisiFunda ILembe, eCanelands Beach Club & Spar, eSalt Rock ngoLwesine.

I-Enterprise iLembe ebihambisana namaMeya oMasipala bendawo abahlukene bakhona kwisiFunda ILembe, amaphoyisa nezinhlaka ezahlukene iqhakambise ezokuphepha emigaqweni kanjalo nasezindaweni zokungcebeleka.

OLUNYE UDABA: I-Enterprise ILembe yethule iBallito July Experience, eBallito

ISekela likaSihlalo weBhodi le-Enterprise ILembe, uNhlakanipho Khumalo, uthi njengoba beyinhlangano engaphansi kweLembe nesebenzisana kakhulu nomasipala wesifunda kanjalo nomasipala bendawo; okuyiNdwedwe, KwaDukuza, iMandeni naKwaMaphumulo sebekulindele ukuthi bazobhekana kanjani nezinhlekelele uma zenzeka ngoba sekuyazeka ukuthi ngesikhathi sasehlobo izimvula ezinamandla ezingaholela ekutheni kube nezikhukhula ziba khona, kulimale abantu nengqalasizinda.

“Kwezokuphepha sisebenzisana namaphoyisa ophiko lwe-SAPS ukuqapha zonke izindawo zokungcebeleka, saqinisekisa nenhlanzeko endaweni yaseLembe namabhishi akhona.”

Khonamanja, iMeya kaMasipala waseMandeni uCllr Thabani Mdlalose, uthi into abayiqhakambise kakhulu ukuthi abantu abakwazi ukuziphatha uma beya ezindaweni zokungcebeleka noma behamba emgaqweni bathobele imithetho yemigwaqo.

“Amaphoyisa akulungele ukuvikela izivakashi kwisiFunda iLembe kanti abamabhizinisi amancane kubalulekile ukuthi bathole izimvume zokudayisa futhi baqiniseke ukuthi badayisa impahla esemthethweni, bakwazi ukuyodayisa emcimbini ezobe ikhona nasemabhishi.

“Njengoba inkolo yamanazaretha izobe ithatha uhambo oluya entabeni ekhanana, ezokuphepha siziqinisekisile namaphoyisa, ezamanzi nezomgwaqo siqinisekisile ngokuhlangana nomasipala waseNdwedwe ukuze amakholwa akwazi ukunyukela kahle entabeni futhi akhonze kahle.”