
Umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF) uJulius Malema usephendule ngokuthi nguyena obesematheni emhlanganweni waseNingizimu Afrika-US obuse-Oval Office namuhla ebusuku.
Lokhu kuza ngemuva kwesikhashana sesimanga ngasohlangothini lwaseMelika, umengameli waseMelika uTrump ephakamise udaba lokubulawa kwabanikazi bamapulazi nokudliwa komhlaba, ecela ukuba kucishwe amalambu, ekhombe ithelevishini eengasesandleni sokudla sangala bekuhlezi khona uMengameli Ramaphosa.
Kudlalwe iqwaba yamavideo ahlukwnw kanye neveza yena ecula ingoma ethi “Bulala ibhunu, umlimi.”
OLUNYE UDABA: Kugqame olwamaBhunu emhlanganweni kaRamaphosa noTrump
URamaphosa ubebukeka engakhululekile ngesikhathi kudlalwa lezi ziqeshana. Futhi ucele uNgqongqoshe wakhe wezoLimo uJohn Steenhuisen ukuthi asize ukuphendula impendulo mayelana nokubulawa kwabanikazi bamapulazi.
Abezindaba bagxile kuMalema imizuzu embalwa nosomabhizinisi ongusozigidi, uJohan Rupert naye ezwakalisa imizwa yakhe ngamazwi kaMalema awasho ngaphambilini, “Sekuyiminyaka eyishumi ngiyisisulu sale ndoda.”
UMalema uphuthume enkundleni yezokuxhumana i-X lapho abhale khona ukuthi, “Iqembu lamadoda amadala libuthana eWashington liyohleba ngami…”
okuku-X:
A group of older men meet in Washington to gossip about me. No significant amount of intelligence evidence has been produced about white genocide. We will not agree to compromise our political principles on land expropriation without compensation for political expediency.
— Julius Sello Malema (@Julius_S_Malema) May 21, 2025
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit
