
Kudutshulwe kwabulawa umsolwa obefunwa ngecala lokubulala esigamekweni sokudubulana namaphoyisa eMariannhill namuhla ekuseni.
Amaphoyisa ancinzwe indlebe mayelana nokuthi ukuphi umsolwa oyamaniswa namacala amabili okubulala okusolwa ukuthi wawenza elokishini laseMpumalanga, eHammersdale ngoDecember 2021 nangoJune 2026.
OLUNYE UDABA: Umsolwa wesithathu uvuke sekuthathwa izithombe zezidumbu KwaMsane
Ngesikhathi amaphoyisa efika lo msolwa acashe khona endaweni yaseLuganda eMariannhill,kwabe sekuqhuma inganono, kudubulana umsolwa namaphoyisa.
Ngokwesitatimende samaphoyisa, umsolwa ushone ngesikhathi kudutshulwana. Alikho iphoyisa elilimale ngesikhathi kudutshulwana.
