Odilikajele ababili kowadlwengula amantombazane amancane

I-National Prosecuting Authority (NPA), isemukela isigwebo sikadilikajele esitholwe yindoda eneminyaka engu-58 ubudala eNkantolo yesiFunda eMtubatuba, ngemuva kokuba ilahlwe ngamacala amabili okudlwengula.

Kubikwa ukuthi izigameko zenzeka KwaSomkhele, eMtubatuba ngo-2025. Izisulu zazineminyaka engu-9 nengu-11 ubudala ngesikhathi sesigameko. Ummangalelwa nezisulu babazana ngoba babehlala esigodini esisodwa.

Ngo-2025 ummangalewa wadlwengula izisulu izikhawu eziningi. Indaba yaze yavela ngesikhathi umfana omncane wasendaweni engena endlini kammangalelwa emfica edlwengula izisulu. Umfana wabika udaba emndenini wakhe owabikela ubabekazi wesinye isisulu. Izisulu zaluxoxa lonke udaba ngesikhathi zibuzwa.

Udaba lwabikwa amaphoyisa ophiko lwe-South African Police Service Service, izisulu zahanjiswa eNgwelezane Thuthuzela Care Centre (TCC) zayokwelashwa. Ummangalelwa waboshwa.

OLUNYE UDABA: Udilikajele kowadlwengula ingane yakwamakhelwane ngoNcibijane

Ngesikhathi kuqulwa icala, uMshushisi Skhumbuzo Simelane ubize izisulu, amalungu emindeni yazo, wudokotela owabahlola nomfana omncane owazibonela. Umshushisi ekhonga isigwebo esinzima wethule izitatimende zabazali bezisulu abazibhale beluswe wuSithembile Cebekhulu oyi-Court Preparation Officer. Ezitatimendeni abazali bathe isigameko siziphazamisie kakhulu izingane kwaze kwathinteka nemindeni uqobo.

Ummangalelwa ugwetshwe udilikajele ngecala ngalinye. Uzodonsa isigwebo sikadilikajele. Ngaphezu kwesigwebo inkantolo ithe akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu. Igama lakhe lizofakwa ohlwini lwabanukubeza ngokocansi.

I-NPA ayijiki esifungweni sayo sokulwa nesihlava sodlame lobulili nokunukubeza ngokocansi. Lo mkhankaso wayo ulekelelwa wukwandiswa kwamaThuthuzela Care Centre ezweni njengoba esehlezi ku-66 ezibalweni esuka ku-55 ngo-2020/2021. Lezi zikhungo ziwusizo kwabasuke benukubezwe ngokocansi ziyalekelela uma kushushiswa.