Udilikajele kowadlwengula ingane yakwamakhelwane ngoNcibijane

Durban Magistrate Court

INkantolo yeMantshi yaseThekwini isigwebe indoda eneminyaka engu-36 ubudala udilikajele ngecala lokudlwengula kulandela ukulahlwa yicala lokudlwengula intombazane, 12, yakwamakhelwane.

Ngomhlaka-31 December 2021, umdlwenguli wayenga intombazanyana efulethini lakhe lapho ayidlwengulela khona. Intombazane ayizange ibabikele abazali bayo ngalolu daba, kodwa umama wentombazane wayizwa ixoxela umngani wayo ngokwenzeka, wabe esebikela amaphoyisangalo.

OLUNYE UDABA: Umdlwenguli odlulise isinqumo wenyuselwe isigwebo

Abaseshi be-Brighton Beach Family Violence, Child Protection and Sexual Offences benza uphenyo ngalolu daba baphinde baqinisekisa ukuthi umdlwenguli udonsa iminyaka ejele.

Umdlwenguli uphinde ahlonzwa njengomuntu ongamele aphathe isibhamu.