Lihlehliselwe u-April icala likaBellarmine Mugabe

Indodana yowayengumengameli waseZimbabwe uRobert Mugabe, uBellarmine, izobuyela enkantolo ngenyanga ezayo.

Indodana kaMugabe eneminyaka engu-28 ubudala kanye noTobias Matonhodze asolwa naye babhekene namacala okuzama ukubulala ngemuva kokuba kudutshulwe kwalimala indoda endlini kaMugabe, eHyde Park.

Laba bobabili bavele kafushane eNkantolo yesiFunda yase-Alexandra namuhla lapho icala labo lihlehliselwe umhlaka-17 April ukuze kuqhutshekwe nophenyo.

OLUNYE UDABA: Indodana kaMugabe ilaxaze isicelo sebheyili

Iziphathimandla zengeze icala lokuphambana nengalo yomthetho.

Isisulu, okukholakala ukuthi sasibasebenzela ngaphambili, sisasesimweni esibucayi.

Amaphoyisa awakasitholi isibhamu okusolwa ukuthi yiso esasetshenziswa ukudubula.

Kodwa abaphenyi sebehlole babobabili abasolwa ukuthi basebenzise impushana yesibhamu futhi kwaphinde kwashaqwa nemoto efakwe ama-siren amaphoyisa angekho emthethweni.

Abameli babo batshele inkantolo ukuthi laba bobabili bahlose ukufuna isivumelwano sokuvuma icala nombuso.

eNCA