Ungeniswe esibhedlela umfundi olimale engozini yetekisi

Kulimale kabi umfundi nabanye abantu kulandela ingozi eyenzeke kuPrickle Pear Road, eWaterloo ngoMsombuluko ntambama.

Abosizo lokuqala bakwa-KZN VIP Emergency Medical Services bajutshwe endaweni yesigameko kulandela ukungena kwemibiko yesigameko. Ngesikhathi befika bafice inqwaba yabantu ilimele babe sebebaxilonga.

Ingane yesigameko okuyiyo elimale kakhulu icilongelwe endaweni yesigameko ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela esiseduze ukuze iyothola ukwelashwa okungeziwe. Abanye abantu abalimale kule ngozi bathole ukwelashwa khona endaweni yesigameko.

OLUNYE UDABA: Seziboshiwe izigebengu ezidale ingozi eChatsworth

Kukholakala ukuthi iteskisi belihamba kuPrickle Pear Road ngesikhathi ingena engozini nokusolwa amabhuleki ukuthi yiwo adale ingozi, itekisi yaginqika yabe isiyongena esihlahleni.

Imibiko iveza ukuthi abanye abagibeli bazame ukuphuma etikisini lihamba nokuyikho okwenze kwalimala abantu abaningi. Ngenhlanhla okwamanje, ayikho imibiko yabashone kule ngozi.

Isigameko siyaphenywa.

KZNVIP