I-PSA ifuna kuphenywe ngokudlula emhlabeni kukadokotela waeMshiyeni

Inhlangano yabasebenzi bakaHulumeni KwaZulu-Natal ifuna kwenziwe uphenyo olugcwele ngokushona kukadokotela obefundela umsebenzi esibhedlela esiseThekwini.

Isimangalo sokuthi udokotela omncane wasesibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial, eMlazi kuthiwa uphoqeleke ukuthi asebenze ngesikhathi egula.

Ngokombiko wePSA, u-Alulutho Mazwi ubesanda kutholakala enesifo sikashukela kanti udlule emhlabeni kuleli sonto ngemuva kokuquleka ngeSonto.

UMlungisi Ndlovu wale nyunyana uthe uMazwi uyalelwe ngumphathi wakhe ukuthi aqhubeke nokusebenza.

OLUNYE UDABA: Bagcwele intukuthelo odokotela ngezinsongo zikahulumeni zokunciphisa amahora

“I-PSA ihlezi ixwayisa uMnyango Wezempilo eKZN ngezimo zokusebenza ezingenabuntu ezihlobene nalokhu, ubuholi obunonya, ukusetshenziswa kabi kwamandla esibhedlela iPrince Mshiyeni nakwezinye izibhedlela,” kusho uNdlovu.

“Sicela uNgqongqoshe wezeMpilo, uNdunankulu waKwaZulu-Natal, sicela ukuthi bafike bazobhekana nalezi zinkinga zalabo dokotela ngoba bangama-intern eKZN. Abaphethwe kahle.”

UMnyango wezeMpilo e-KZN uthe ushaqekile futhi udabuke kakhulu ngokushona kwakhe.

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *