Kulimale 6 wezingane zesikole kushayisana ibhasi netekisi

Kulimale abafundi abayisithupha ngemuva kokuba itekisi abebehamba ngalo lishayisane nebhasi eNewtown A eNanda namuhla ekuseni.

Amalungu eReaction Uniti South Africa (RUSA) abizelwe endaweni yasigameko omunye wabashayeli ngezithuba zabo-05:39 ekuseni.

OLUNYE UDABA: Kusolwa ukuthi kufe amabhuleki engozini yebhasi oThongathi

Ngesikhathi abeRUSA befika, bafice itekisi elimhlophe lohlobo lweToyota Hiace lilele ngencele.

Izingane zesikole ezithole ukulimala ziphuthunyiswe esibhedlela.

Imininingwane eholele engozini ayizange itholakale ngokushesha.

izithombe: RUSA

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)