Kushone umuntu kugqekezwa emzini oseChatsworth

Kudutshulwe kwabulawa indoda esigamekweni okubonakala sengathi bekungesokugqekeza emzini oseChatsworth, eningizimu yeTheku.

Imibiko evela endaweni yesigameko iveza ukuthi amadoda amahlanu angene emzini waseHavenside ngesikhathi umama wale ndoda engaphandle ematasa newashingi.

Abezimo eziphuthumayo i-Amawele Emergency Services bathi bathole ucingo oluvela eTurfwood Place, ngemuva kwehora lesihlanu ekuseni ngoLwesibili ekuseni.

OLUNYE UDABA: Kutholwe isidumbu sendoda ezimobeni eThekwini

Okhulumela abezimo eziphuthumayo, uSiven Subramoney uthi indoda, okukholakala ukuthi ibineminyaka engamashumi amabili ubudala, idutshulwe amahlandla amaningi yaphuthunyiswa esibhedlela ngemoto encane.

“Umama nobaba balashelwe ukwethuka endaweni yesigameko base bephuthunyiswa esibhedlela beyothola okunye ukwelashwa.

Okube buhlungu kakhulu wukuthi owesilisa oyedwa ophuthunyiswe ngaphambi kokufika kwabezimo eziphuthumayo uhlonzwe njengoshonile efika esibhedlela ngasese ngaphambi kokufika, okudabukisayo ukuthi ushone efika esibhedlela.”

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *