“U-Omotoso ubephila ‘butebhu’ esesitokisini”

Owayeyiphoyisa futhi owayeyingxenye yethimba labaphenyi elaholela ekuboshweni komvangeli wakumabonakude, udalule izindaba ezishaqisayo.

Lo makadebona wamaphoyisa, uPhindile Zweni, uthe umfundisi waseNigeria usebenzise amandla akhe nemali ukuze aphunyuke emacaleni abucayi.

UPhindile Zweni uthi uTimothy Omotoso ubephila impilo yobukhazikhazi ejele.

UZweni uthe, “Engikuqaphelile esitokisini sakhe ukuthi u-Omotoso ubehlezi kahle kuhle kwasehhotela eliphambili, ejele iSt Alban. Ijele laseSt Alban laziwa kakhulu ngenkohlakalo yalo.

“U-Omotoso ubenocingo, enomabonakude, enakho konke. Wayengakudli ukudla okufana nokwezinye iziboshwa eMedium B. U-Omotoso ngamuvakashela izikhathi eziningi.”

UZweni, owaqala umsebenzi wakhe wobuphoyisa ngo-1978, waqala ukuphenya u-Omotoso ngo-2015 kanti uphinde waveza nezinsolo ezishaqisayo ngo-Omotoso zokuhlela ukweqa esitokisini.

Uthe: “Kuke kwenzeka kwabanjwe isibhamu esasisendleleni eya ku-Omotoso ngoba wayefuna ukweqa, okwenzeka emuva kwalokho asazi kodwa yimina engazisa uKhomishana eSt Albans’.

OLUNYE UDABA: Uguqe ngedolo wakhuleka ephuma phambili emacaleni abebhekene nawo u-Omotoso

Ngesikhathi esalinde ukuqulwa kwecala, uTimothy Omotoso ubephila impilo ewubukhazikhazi ejele, enomabonakude, iselula nokuvashelwa yedwana esitokisini sakhe.

Ukuphuma phambili kuka-Omotoso ehambisana nalabo asolwa nabo uLusanda Sulani noZukiswa Sitho, ababebhekene namacala okudlwengula, ukushushumbisa abantu namanye amacala, namanje kuseyinto esasematheni.

UMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo uyaziphika lezi zinsolo, nakuba abanye babasebenzi bomnyango bebengamalungu ebandla lika-Omotoso, uMnyango uzichithile izinsolo zokuthi u-Omotoso wathola impatho ekhethekile.

Okhulumela uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo, uSingabakho Nxumalo, uthe, “Njengomnyango, sabikelwa ngezinsolo ezithize mayelana nokwamukelwa kuka-Omotoso, nokwaba yinto ekude neqiniso.”

UZweni uthi ukuphuma phambili kuka-Omotoso kwenze ukuthi yena nethimba labaphenyi bavule inhlangano ezimele i-NPO ebhekana amacala okuhlukunyezwa ngokobulili (Gender Based Violence-GBV).

eNCA

 Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *