Masemola: Kunabantu thizeni abahlezi ekhoneni elincane abahlela ukungixosha

UKhomishana wamaphoyisa kuzwelonke, u-Gen Fannie Masemola, uthe nakuba efisa ukuqeda ihlandla lakhe ehhovisi, wazi kahle ukuthi bakhona abangaphandle aabafuna ukumbona ehambile.

“Ngingathanda ukuqeda ihlandla lami, kodwa kwesinye isikhathi akunqunywa ngumuntu eyedwa. Kunqunywa ndawana thize ekhoneni elincane futhi kuhlelwe khona, bese beba yimpi ukuze uhambe,” esho ngoLwesine.

UMasemola ubethula ubufakazi phambi kwekomiti lesikhashana ePhalamende mayelana nezinsolo zokugxambukela kwezombusazwe kanye nenkohlakalo ohlelweni lwezobulungiswa kwezobugebengu.

Ngesikhathi ethula ubufakazi ngoLwesithathu, uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt General Nhlanhla Mkhwanazi, uthe unobufakazi obukhombisa ukuthi amaphoyisa asemancane emsebenzini ayaxhumana namalungu esigungu esiphezulu mayelana nendlela “yokuphatha” uKhomishana kazwelonke.

“Uzoba noGeneral Shadrack Sibiya oyiSekela likaKhomishana othumele umqhafazo esebenzisa u-WhatsApp kwisekela likangqongqoshe.Angazi ukuthi yiliphi isekela likangqongqoshe, futhi ngisazophenya ngalokho, kodwa uSibiya uyawuthumela umqhafazo etshela isekela likangqongqoshe ukuthi enze izihakamiso zokuthi ‘isekela likangqongqoshe’ kufanele livalele ekhoneni uKhomishana kazwelonke.

OLUNYE UDABA: ANC: UMchunu uzovela ngaphambi kweKhomishana yezoBulungiswa yenhlangano

UMasemola uthe nakuba aqokwa ngumengameli, kungenzeka kube nezinhlaka zobugebengu ezizongena “ekhoneni elincane” zimvulele icala.

“Noma ngabe likhona noma alikho icala, iqiniso ukuthi ususiwe. Yilokho okwenzekayo. UMengameli uyaqoka, uyawenza umsebenzi kodwa kuzoba nezinhlaka zangaphandle ezizofuna ukuphatha uKhomishana kazwelonke,” usho kanje.

“Nilwa nobugebengu kodwa niphinde niphazamiseke ngaso leso sikhathi. Ziningi izinhlelo esezakhiwe zokuthi singamxosha kanjani, kunezisusa ezingezinhle uma bengakwazi ukukuthola abakufunayo bayohlezi behlela.”

Sowetan