
I-African National Congress (ANC) ithi ilungu layo lesigungu esiphezulu kuzwelonke (National Executive Committee -NEC), uSenzo Mchunu, uzovela ngaphambi kweKhomishana yoBulungiswa benhlangano.
UNobhala-Jikelele we-ANC uFikile Mbalula ukhiphe imiphumela yomhlangano weNational Working Committee, waphendula nemibuzo emayelana namalungu enhlangano asolwa ngenkohlakalo.
UMchunu uyathinteka ezinsolweni zokugxambukela kwamaphoyisa okuyisihloko seKhomishana kaMadlanga eqhubekayo.
OLUNYE UDABA: I-ANC ilindele ukuthi uMchunu noCele basebenzisane ngokugcwele neKhomishana
Yize uMbalula ekuqinisekisa ukuthi uMchunu kufanele avele ngaphambi kwesigungu esibhekelele ukuphendula kwenhlangano, akashongo ukuthi kuzoba yinini.
“USenzo nanoma ngubani othintekayo uzovela phambi kwekhomishana yobuqotho. IKhomishana Yobuqotho ayiwumemezeli umsebenzi wayo, kodwa ngingakuqinisekisa ukuthi uzovela ngaphambi kweKhomishana Yobuqotho.”
