UShadrack Sibiya uzoqala namuhla ukwethula ubufakazi bakhe kwiKhomishana kaMadlanga

ISekela likaKhomishana wamaPhoyisa kaZwelonke omisiwe uShadrack Sibiya uzothatha izintambo kwiKhomishana kaMadlanga namuhla.

USibiya ubhekene nomsebenzi onzima wokuzivikela ezinsolweni ezahlukene.

OLUNYE UDABA: Kuzwakale igama likaShadrack Sibiya kuqulwa elikaSenzo Meyiwa

OFakazi kwiKhomishana bamuyamanise kakhulu ngokwenza okubi kanye nokubambisana namaqembu obugebengu okusolwa ukuthi awenzi kahle.

Uziphikile lezi zinsolo, ethi bayamnuka.

USibiya uzochitha izinsuku ezine kwiKhomishana kaMadlanga ethula ubufakazi bakhe njengoba efuna ukugeza igama lakhe.

eNCA