
Icala Labantu abathathu abasolwa ngokweba izigidi zamarandi epulazini likaMengameli Cyril Ramaphosa iPhala Phala ngonyaka ka-2020 lizoqulwa eNkantolo yesiFunda yaseModimolle eLimpopo namuhla.
Abasolwa abathathu okungu-Emmanuela David, uFloriana noNdilinasho Joseph babhekene namacala okwakha itulo lokugqekeza ngenhloso yokweba.
UDavid ubhekene nelinye icala lokushushumbisa imali.
OLUNYE UDABA: Kuyaqhubeka ukuqulwa kwecala lokubulawa kukaMeyiwa namuhla
NgoMay lolu daba lahlehliswa ngenxa yesimo sezempilo sikaFloriana.
Okhulumela iNational Prosecuting Authority (NPA) uMashudu Malabi uthi umbuso usumi ngomumo ukuqhubeka nokuqulwa kwecala futhi uhlose ukubiza ofakazi abangu-22 ngesikhathi kuqhubeka icala.
“Ukuqulwa kwecala kuhlelwe ukuba kuqale ngomhlaka-15, 17 kanye nomhlaka-30 September, bese kuba wumhlaka-01, 03, 06 – 08 October 2025.”
