
I-South African Breast Milk Reserve inxusa omama abanempilo ukuthi banikele ngobisi lwebele, njengoba isidingo salo sikhula ngamandla.
Umsunguli kanye noMqondisi Omkhulu, uStasha Jordan, uthi inhlangano njengamanje linamayunithi obisi lwebele abalelwa kwangu-1 500 akhona.
Uthi lolu bisi ngolwenyanga eyodwa ezinganeni eziyizinkulungwane ezizalwe ngaphambi kwesikhahi nezigulayo ezithembele kulolu bisi.
OLUNYE UDABA: Kunxuswa amadoda ukuba adle imishanguzo ukugwema ukuqedwa yingculaza
UJordan uthi ubisi okunikelwa ngalo ngokuvamile luba yindlela yokuphila ezinganeni ezisanda kuzalwa ezikhungweni zezempilo ezinakekela izingane.
Uthi kwezinye izimo, omama bagula kakhulu baze bengakwazi nokuncelisa.
“Iminikelo yobisi lwebele isekela izingane ezisengozini kakhulu ekuqaleni kwempilo yazo, kwezinye izikhathi omama bazo bashona ngesikhathi bebeletha. Kubalulekile, ikakhulukazi uma beshiya izingane ezizalwa zinesisindo esiphansi kakhulu ezingaphuza ubisi lwebele kuphela.
“Uma izingane zinesisindo esingaphansi kwama-kilogram angu-1.8, kuyingozi ukuzondla ngobiso oluthengiwe ngoba Kubeka impilo yengane ezelwe engcupheni, ingafa nokufa.”
Phakathi konyaka ka-2014 no-2017, i-Centre for Rural Health yase-UKZN ibambisene ne-KZN Health ukuqhuba iphrojekthi efanayo yokugcina ubisi lwebele.
