
Ochwepheshe nezinhlangano ezilwa nobhubhane lwe-HIV/Aids banxuse abantu besilisa ukuthi baqalise ngoklulashwa ukugwema ukushona okungenasididngo.
Kukholakala ukuthi ngemuva kokutheleleka yileli gciwane, iningi labantu besilisa limanqika ukuya ezikhungweni zezempilo ukuze liqale ukwelashwa.
Odokotela abakhulume nabezindaba zeThe Citizen, amagama abo agodliwe ngenxa yokuthi abagunyaziwe ukuba bakhulume nabezindaba bathe bathi iningi leziguli zabo ezine-HIV kwakungabesifazane.
Izibalo ezikhishwe yiThembisa, imodeli yezibalo ye-HIV ne-TB eNingizimu Afrika, zithi ngo-2023/24, kwakunabesifazane abangu-5.2 million abaphila negciwane, uma kuqhathaniswa nabesilisa abangu-2.6 million.
Iphinde yathi abantu besilisa abaningi bayashona ngenxa yembangela ehlobene ne-HIV kunabantu besifazane.
OLUNYE UDABA: Umjovo we-HIV i-Lenacapavir uzosatshalaliswa ezifundeni eziyisithupha zase-KZN
Ngokwezibalo zonyaka wezimali ofanayo ka-2023/24, amadoda angu-27 100 abulawa yi-AIDS, kanti abesifazane abangu-24 200 kuphela asebashona.
UThandi Maluka, umqondisi we-Positive Women’s Network, uthe ukhathazekile kakhulu ngemiphumela yakamuva ekhombisa ukuthi ukutheleleka nge-HIV kwabesifazane kuphezulu, yize abesifazane abaphila ne-HIV bephila isikhathi eside kunabesilisa.
UDkt. Kate Rees, uchwepheshe wezempilo yomphakathi e-Anova Health Institute, uthe isibalo sabantu abaphila ne-HIV eNingizimu Afrika sabantu besilisa nabesifazane siyaqhubeka nokukhula kodwa ngonxa yemishanguzo abantu baphila impilo ende nenempilo.
“Bambalwa abantu ababulawa yi-HIV, okusho ukuthi isibalo sabantu abaphila ne-HIV siyakhula, nakuba isibalo sokutheleleka okusha siyehla minyaka yonke.
“Kunabantu besifazane abaningi uma kuqhathaniswa nabesilisa abaphila ne-HIV eNingizimu Afrika kanye nokutheleleka okusha kwabesifazane.
“Amadoda avame ukwenza okubi kakhulu maqondana nokuhlolwa futhi ikakhulukazi, ukuqala nokulandlea indlela yokudla imishanguzo. Isizathu sokuthi abantu besilisa babe nezinga eliphezulu lokushona wukuthi mancane amathuba okuba aqalise ukwelashwa ngendlela efanele.”
