Intela yokugembula ku-inthanethi isezingxoxweni

Labo abazama inhlanhla yabo ngokugembula ku-inthanethi maduze bangase baqale bakhokhe intela uma bewinile eziwinile zabo.

Kunesiphakamiso sentela engu-20% emalini engenayo yokugembula ekhiqizwe ukugembula ku-inthanethi.

UMgcinimafa Kazwelonke washicilela iphepha lengxoxo mayelana nentela yokugembula ku-inthanethi eliwuhlaka lukazwelonke ukuze umphakathi uphawule ngalo ngoNovemba 2025.

OLUNYE UDABA: Ubhekwe ngabomvu u-Enoch Godongwana namuhla

Umnyango uthi, “Le ntela izokwengeza enteleni yamanje ekhokhwa ezifundazweni”.

Isikhathi sokuphawula komphakathi sizophela ngomhlaka-27 kuFebruary 2026.

UMgcinimafa Kazwelonke uthi ngemuva kokuthola imibono; uzobamba umhlangano nalabo abaphawulile.

Imibhalo kaMgcinimafa ithi, “Isiphakamiso, okuhlanganisa noma yikuphi ukubuyekezwa okuvela ekubonisaneni, sizofakwa emthethweni owuhlaka ozotholakala ukuze umphakathi uphawule ngawo kamuva onyakeni (2026)”.

SABC