Uhlu lwamabhishi okufanele uwagweme eThekwini

Uma kade uzimisele ngokuyobhukuda olwandle ogwini lwaKwaZulu-Natal kuleli sonto, udaba olumayelana neziningna ze-E coli eThekwini zingase zikudumaze.

Ngenxa yezinga lamanzi angekho esimeni esikahle, umasipala weTheku usumemezele ngamabhishi okumele uwagweme kuleli dolobha.

OLUNYE UDABA: Kuqhakambiswa ukubaluleka kokufaka ibhande ezimotweni nasemabhasini

Lezi zindaba zizoshaqisa labo okungenzeka ukuthi bese benze izinhlelo zangempelasonto yePhasika njengoba ugu lwaseThekwini luthandwa yizivakashi.

Nanka amabhishi okufanele uwagweme:

Laguna

Winkelspruit

Doonside

Imiphumela yezinga lamanzi ikhombisa ukuthi amabhishi ayisishiyagalombili ane-quality enhle kakhulu, amahora okusebenza asukela ngo-6am kuya ku-6.30pm:

Pipeline
Umgababa
Umhlanga Main
Brighton
Ansteys
Bronze Beach
Umdloti Main
Westbrook

UMasipala weTheku uthi ukuvalwa kwamabhishi kuyingxenye yenkinga elokhu ikhona edalwa wukungcola kanti ukuhlolwa kwamanzi kwenziwa masonto onke.

– SowetanLive

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEdit