
INkantolo yeSifunda eMadadeni igwebe uMduduzi Jerome Kunene, 57, iminyaka engu-15 ebhadla ejele kulandela ukulahlwa ngecala lokushushumbisa izidakamizwa.
Iminyaka engu-5 yesigwebo ilengisiwe iminyaka engu-5 ngombandela wokuthi angatholakali ecaleni elifanayo kule sikhathi.
Ngomhlaka-11 October 2023 amaphoyisa ophiko lwe-SAPS agasela endlini yaku-Section 3 eMadadeni.
Ithimba elaliholwa wu-Warrant Officer Mfanufikile Nyembe, lathola ukuthi kubiyiwe ngocingo olusikayo kwafakwa namabhodlela afile ngaphezulu.
Amaphoyisa amemeza efuna ukungena kodwa uKunene walunguza wase eyabaleka wamyamalala. Amaphoyisa asebenzisa amathuluzi okungena ngaphakathi.
Amaphoyisa ayehlome ngencwadi ewagunyaza ukusesha. Angena athola uKunene ecashe endlini yenja. Amaphoyisa acela ukusesha indawo wavuma uKunene.
UKunene wayeyedwa endlini ngesikhathi kugasela amaphoyisa. Kwavundululwa izidakamizwa endlini yenja nasemapayipini.
OLUNYE UDABA: Kuboshwe owokufika ngokutholakala nezidakamizwa zika-R10 million eThekwini
Amaphoyisa athola izidakamizwa ohlobo lwe-Mandrax angu-1851 angamaphilisi aphelele, i-Mandrax ewu-38 engohhafu nemali ebalelwa ku-R 1300. UKunene waboshwa wathwesa icala lokushushumbisa izidakamizwa.
Umshushisi uZama Zikalala ubize ungoti owacubungula izidakamizwa waqinisekisa ukuthi i-Mandrax. Kubizwe nomabhalane obhekene nobufakazi obusuke butholwe kubasolwa kwabizwa nabanye abasebenzela amaphoyisa i-SAPS.
UKunene ukuphikile ukuthi watholwa nezidakamizwa wathi zafika namaphoyisa. Kwavakashelwa indawo kwaqinisekiswa indlu yenja namapayipi.
Umshushisi ethula izinkulumo yakhe yesigebo esiqqinile, uthe izidakamizwa zidala abantu abayimilutha, ubugebengu nenhlupheko.
Uthe uma kubhekwana nabashushumbisi kungaholela ekunqobeni impi yezidakamizwa. Uthe kuyosiza ukulwa nomsuka wazo.
UKunene ugwetshiwe ngaphezu kwalokho, inkantolo inqume ukuthi ummangalelwa akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu.
I-National Prosecuting Authority iyakwemukela ukuphothulwa kodaba ngempumelelo.
Inkinga yezidakamizwa idla lubi emphakathini yethu. Sinethemba lokuthi isigwebo sizikhomba ukuzinikela kwe-NPA nezinye izinhlaka ukulwa nesihlava sezidamizwa.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
