Isenkantolo yaseVerulam indoda eyaboshwa kulandela esokudubulana namaphoyisa

Iyavela namuhla enkantolo yeMantshi yaseVerulam indoda ebhekene necala lokutholakala nesibhamu esibgekho emthethweni nempahla okusolwa ukuyebiwe.

Le ndodoa iboshwe endaweni ngoLwesibili, kulandela ukugijimisana okukhulu nokudubulana namapgoyisa.

Ukulandelwa kwale ndoda kuqale ngesikhathi inkampani yoku-track izimoto ibone imoto eyebiwe ishayelwa yindoda ethile emgaqweni ku-N2 isuka eMlazi.

OLUNYE UDABA: Uyavela enkantolo osolwa ngokushisa intombi yakhe yaze yashona e-KZN

Okhulumela i-SAPS e-KZN uPaul Magwaza uthi amaphoyisa azame ukumisa imoto eVerulam, kodwa omunye wabasolwa wavulela ngenhlamvu, kwalimala unogada.

“ Abasolwa baqhubeka nokubaleka, kodwa ekugcineni babanjwa ngamalungu ethimba lesifundazwe neDurban K9 eClerence Park. Abasolwa bayishiya imoto babaleka ngezinyawo bangena ehlathini.

“Ukuhlolwa kwemoto eshiywe emgaqweni kwaholela ekutholakaleni kwesibhamu esisodwa esinezinhlamvu ezingaphezu kweingu-100. Amalungu e-K9 angena ehlathini efuna abasolwa.”

UMagwaza uphethe ngokuthi kuyaqhubeka ukuthungathwa komsolwa wesibili.

Newswatch