
Kushone abasolwa ngokubamba inkunzi imoto yemali (CIT) ngesikhathi kudutshulwana namaphoyisa e-KwaZulu-Natal.
Abasolwa abane babulewe ngesikhathi kudutshulwana namaphoyisa kanye nonogada abazimele ngaphandle kwendawo yaseCamperdown KwaZulu-Natal.
Kutholakale izibhamu neziqhumane endaweni yesigameko.
OLUNYE UDABA: Kuthungathwa abasolwa ngokubamba inkunzi imoto yemali eNewlands West
Kukholakala ukuthi abasolwa bayabandakanyeka ezigamekweni akamuva zokubamba inkunzi imoto yemali.
Lokhu kwenzeka ngemuva kosuku olulodwa kubanjwe inkunzi imoto yemali i-CIT KwaZulu-Natal.
Kunokukhathazeka khona ngokuthi ubugebengu buzokwanda njengoba kusondela isikhathi samaholidi okuphela konyaka.
