Sekutholwe ezinye izidumbu ezimbili eNew Hanover, KwaZulu-Natal

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfundisi uButhelezi uphinde wazwakalisa amazwi enduduzo emindenini ethintekile.

“Sincoma umsebenzi, isibindi nokungakhathali komphakathi kanye namathimba okusesha nokutakula,” kusho uNgqongqoshe.

“Ukugxila kwethu manje kusekusekeleni imindeni kulesi sigaba sokugcina, esinzima nokuqinisekisa ukuthi izisulu ziyalulama ngenhlonipho.”

UNgqongqoshe usho kanje kulandela ukutholakala kwezidumbu ezimbili okukholakala ukuthi zamuka nezikhukhula ngenyanga edlule – 23 Novembr 2025 endaweni yaseNew Hanover, eMshwathi.

OLUNYE UDABA: UNgqongqoshe uButhelezi uhlinzeka ngosizo lwesikhashana wahlola umthelela wezinhlekelele kuMasipala wendawo yaseMshwathi

Amathimba abhekelele izinhlekelele okwamanje asalandela inqubo yokukhipha izidumbu. Inqubo yokuhlonza egcwele izolandela ngokubambisana nemindeni.

UMnyango, ngokubambisana noMasipala waseMshwathi, uhlinzeka ngakho konke ukwesekwa nosizo oludingekayo emindenini yezisulu.