
Kulindeleke ukuba abuyele eNkantolo ePhakeme yaseBloemfontein, eFree State, namuhla uThabo Bester kanye nasolwa naye uNandipha Magudumana.
Laba bobabili bazovela enkantolo ukuze baphinde balalele icala labo lokweqa ejele.
UBester uphikisa izimo zakhe zokuboshwa, kanti uMagudumana uphikisa ukuba semthethweni kokuboshwa kwakhe eTanzania.
OLUNYE UDABA: Babuyela enkantolo abasolwa ngokunyamalala kukaJoshlin Smith
Usuku lokuqulwa kwecala lungabekwa kuphela uma lezi zinkinga sezixazululiwe.
UBester weqa esikhungweni sokuHlunyeleliswa kweziMilo eMangaung ngoMay 2022.
Kuthiwa onogada basejele bamsiza ngokusebenzisa isidumbu sikaKatlego Bereng brkhohlsa amehlo abantu.
