Babuyela enkantolo abasolwa ngokunyamalala kukaJoshlin Smith

Kulindeleke ukuthi uKelly Smith, Jacquen Appollis noSteveno van Rhyn, abalahlwe amacala okushushumbisa abantu, bavele eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape eKapa namuhla ngaphambi kwenqubo yokugwetshwa kwabo ngesonto elizayo eSaldanha Bay.

Ngasekuqaleni kwenyanga kaMay, inkantolo ithole ukuthi uMbuso wakufakazela ngaphandle kokungabaza ukuthi uJoshlin Smith oneminyaka eyisithupha ubudala wathunjwa futhi wadayiswa ngumama wakhe uKelly Smith nabanye ababili asolwa nabo bezothola inkekhelo.

UMbuso uhlose ukuhola ubufakazi bochwepheshe mayelana nokushushumbiswa kwabantu kanye nezitatimende ezithinta isisulu ngesikhathi senqubo yokugwetshwa.

Izinqubo zokugwetshwa kwabo zizoqala ngoLwesibili.

UJoshlin oneminyaka eyisithupha ubudala wanyamalala kubo endaweni yaseMiddlepos eSaldanha Bay ngomhlaka-19 kuFebruary ngonyaka odlule.

SABC

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *