
UMengameli wamaJaji e-Eastern Cape, uSelby Mbenenge, uzichithile izinsolo zokuthi wathumela isithombe sesitho sakhe sangasese kummangali, u-Andiswa Mengo.
Ngaphambilini inkantolo yezwa ngoMengo ukuthi uthole isithombe sesitho sangasese okuthiwa sivela ejajini eliphezulu.
UMengo usola uMengameli wamaJaji ngezinsolo zokumhlukumeza ngokocansi ngokusebenzisa ukuxhumana nabantu kanye nezinkundla zokuxhumana, okubalwa nezithombe ezingcolile.
OLUNYE UDABA: Kuphenywa ngokutholakala kwesidumbu sentombazane esishumpulwe isitho sangasese
UMbenenge osenkundleni ethula udaba lwakhe, uthi inkantolo izohlala kuze kube yileyonkathi njengoba bengeke basibone leso sithombe okusolwa kuso isitho sangasese.
“Isimo kufanele ngisibeke obala ngenxa yezinsolo azenzayo kulesi sikhalo, wenza i-screenshot, uyachaza uma efakaza ukuthi wabonani, sizohlala lapha kuze kube yileyo nkathi, ngeke sisibone leso sithombe okuthiwa sinesitho sangasese omunye emi phezu kwekhabethe esinezinwele ezimhlophe ezifana nezakhe. kKufanele ngibeke konke obala ngoba kufanele ngizivikele.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
