Kuxwayiswa abase-KZN ngemvula enamandla kule mpelasonto

UNgqongqoshe Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba zoMdabu KwaZulu-Natali, uMfundisi uThulasizwe Buthelezi, usebeke wonke amathimba abhekelele izinhlekelele ukuba ahlale eqaphile kuzo zonke izindawo kulandela isixwayiso sezimvula ezinamandla esikhishwe yiSouth African Weather Service (SAWS).

Amathimba abhekelele izinhlekelele azobe egade kakhulu ezindaweni ezivame ukuhlaselwa kakhulu yizikhukhula.

OLUNYE UDABA: Amathimba ezinhlekelele ami ngomumo ezindaweni ezihlaselwe yisimo sezulu esingesihle

Kulindeleke ukuthi lesi sifundazwe sibe nemvula enkulu, iziphepho ezinamandla, kanye nomoya omkhulu kusukela ngoMgqibelo, womhlaka-15 November kuya kuMsombuluko, womhlaka-17 November 2025.

UNgqongqoshe unxusa izakhamuzi ukuba zihlale ziqaphile zikugweme ukuthatha uhambo olungenasidingo kulesi sikhathi, njengoba kulindeleke ukuba kube nokuphazamiseka komgwaqo.

Amaphoyisa omgwaqo kaMasipala kanye nawesiFunda iRTI aobe egade imigwaqo emkhulu yesifundazwe.