Owezemfundo e-KZN ugxeka imibhiyozo ye-Pens down, unxusa imigubho ehloniphekile

UMnyango Wezemfundo KwaZulu-Natal ugxeka kakhulu imigubho eqhubeka minyaka yonke ebizwa ngokuthi yi-Pens down ejwayele ukwenzeka uma kuqedwa ukubhalwa izivivinyo zikamatikulestheni.

Le migubho ngokujwayelekile ibandakanya uphuzo oludakayo, ukucekela phansi impahla, kanye nokuziphatha okungafanele njengokudatshulwa noma ukubhalwa kwemifaniswano yesikole nokuyinto elahla inhlonipho, ukuziphatha kahle nemfundiso yomnyango wezemfundo.

UNgqongqoshe wezeMfundo waKwaZulu-Natal, uSipho Hlomuka, ukhiphe isexwayiso esiqinile kubo bonke abafundi bakaMatric ukuthi benze ngendlela efanele uma sebegubha ukuphela kwezivivinyo zabo.

OLUNYE UDABA: Owezemfundo eKZN unxusa abafundi ukuba bawasebenzise ngendlela efanele amaholidi ezikole

UMnyango uphinde ukhuthaze abafundi bakaMatric ukuthi banikele ngemifaniswano yabo yesikole, bayipakishe kahle banike abafundi abaswele uma sebeyolanda izitatimende zemiphumela yabo ngomhlaka-13 January 2026.

Kunxuswa abazali, othisha, kanye nabaholi bomphakathi ukuba basebenzisane ukuvimba imigubho eyingozi kukhunjuzwe abafundi ukuthi izenzo zokungaziphathi kahle azigcini ngokungabukeki kahle kubona kuphela kodwa nasemndenini yabo nezikole zabo.

Njengoba izivivinyo zikaMatric zika-2025 sezisondele emaphethelweni, uMnyango ucela bonke abathintekayo ukuthi bakhuthaze imikhosi emihle nenenjongo ekhuthaza ukuziqhaja nesekele izindlela zokuziphatha, ubuqotho, kanye nenhlonipho.