
INdlulamithi yamakhosi yenze isimemezelo ngmkhankaso wokushintsha igama lesifundazwe iKwaZulu-Natal kube yiKwaZulu.
IMbube ithe uNatal kufanele ukhishwe ngoba ayiwazi ukuthi uqhamukaphi, isho eMkhosini waseSandlwana ngesonto eledlule.
“KuKwaZulu la, lo Natal iwona osidalela izinkinga.”
ISilo uGoodwill Zwelithini kaZwelithini sake saqala umkhankaso ofanayo ngo-2006 kodwa wagcina uphelela emoyeni.
I-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal iyasisekela futhi isishayela ihlombe isimemezelo seSilo uMisuzulu kaZwelithini sokuqamba kabusha isifundazwe saKwaZulu-Natal sibe yiKwaZulu. Lesi simemezelo sifike ngesikhathi esikahle futhi sifanelekile ngokomlando ikakhulukazi njengoba izinto kuzanywa ukuba zibuyele esimeni sazo.
Asiliboni iphutha kumbono weNgonyama, njengoba umlando uyasho ukuthi esikhathini esedlule sokubusa kweNkosi uShaka, owayebusa izizwe eziningi, imingcele yaKwaZulu yayifinyelela eMfuleni uMtamvuna e-Eastern Cape, eBalfour eGauteng, nase-Ermelo eMpumalanga.
Ukuhlukaniswa kwaholela ekulahlekelweni kwezingxenye eziningi zaKwaZulu, ezazibekwe ngaphansi kwezinye izifundazwe. Ngakho-ke lesi siphakamiso asimangazi futhi kufanelekile ngoba iKqwaZulu iwumbuso iyodwa (Zulu Kingdom).
