Ukufuna kuphele ngosizi umndeni waseMbilo ufica umfana odukile eshonile kwi pool

Ukhala ezimathonsi umndeni waseMbilo ngokushonelwa yindodana eneminyaka eyisithupha.

Kubikwa ukuthi uduke ngoMsombuluko kusihlwa, ngemuva kokuduka umndeni wakhe uhlabe umkhosi.

Kuthe ngehora lesishiyagalombili ebusuku ecingwa watholakala eshonile.

“ingane itholakale e-pool, eliqhele ngamakhilomitha ambalwa ukusuka lapho bekuqale khona ukucingwa,” kusho okhulumela abe-ALS Paramedics uGarrith Jamieson.

“Ngesikhathi abezimo eziphuthumayo be-ALS befika endaweni yesigameko, ingane ibivele ishonile ngenxa yokulimala ebikutholile.”

OLUNYE UDABA: Kushone umfana, 5, ngemuva kokugwiliza e-swimming pool ekhaya ePMB

Akucaci ukuthi ubeyijwayele yini le ndawo. UJamieson uthi “umphakathi kanye ne-CPF yendawo bajoyine umndeni bemthungatha.

“Ngosizo lwezinkundla zokuxhumana isithombe somfana sasabalala ngokushesha futhi amalungu amaningi omphakathi kanye nezikhulu zezokuphepha endaweni bonke babebandakanyeke befuna amahora amabili nesigamu.

EASTCOAST RADIO NEWS