
UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uSipho Hlomuka, ushayele izandla amaphoyisa ophiko lwe-South African Police Service (SAPS) ngokuphendula kwawo ngokushesha nangempumelelo kulandela isigameko sokubanjwa kwenzkunzi isikole samabanga aphezulu i-JE Ndlovu, lapho kwebiwa khona ama-laptop namaselula okwakuhloswe ngawo ukusekela ukufundisa nokufunda.
OLUNYE UDABA: Kugwazwe 5 wabafundi esigamekweni okusolwa ukucwasa ngokwebala esikoleni eKZN
Ama-laptop namaselula atholwle ngokushesha esitolo esiku-West Street eThekwini lapho izigilamkhuba ziwadayise khona.
UMnyango Wezemfundo udlulisa ukubonga kwawo kemaphoyiseni ophiko lwe-SAPS ngomsebenzi nobungcweti bawo, wabe esekhuthaza imiphakathi ukuthi ihlale isebenzisana nabo ekuvikeleni izikole ebugebengwini naseklucekelweni phansi.
