
Kunezikhalo zokuthi kumiswe isikhulu sikamasipala kuMasipala waKwaDukuza mayelana nezinsolo zokuhlukumeza unkosikazi waso.
Lo wesifazane ophinde abe ngumsebenzi kamasipala kuthiwa uhlaselwe ngaphandle kwalapho esebenzela khona kumasipala waseNorth Coast.
OLUNYE UDABA: URamaphosa uphinde wanxusa amadoda ukuthi kube yiwo alwa ne-GBV
Njengamanje usasesibhedlela egumbini lezimo ezibucayi.
Okhulumela umasipala, uSfiso Zulu, uthe sebeqale uphenyo lwangaphakathi.
UZulu uthi amaphoyisa nawo ayaphenya.
“Kuwudaba lwabasebenzi. Ubudlelwano bukabili. Ngeshwa, oyedwa wezisulu okwamanje usesimeni esibucayi esibhedlela futhi ubengakasenzi isitatimende.
“Kungcono sivumele amaphoyisa enze uphenyo lwawo bese kutholakala izimo ezithinta lesi sigameko ngokuhamba kwesikhathi. Umasipala kuzomele uthathe izinyathelo uma kungenzeka.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
