
Abahlaziyi bezemnotho bagaqula ukuthi iSouth Africa Reserve Bank (SARB), izoyehliswa inzalo yemalimboleko ezinsukwini ezimbalwa ezizayo.
UNKz Busisiwe Nkonki noMnu Johannes Khosa abangabahlaziyi kwezomnotho eNedbank, babheke ukuba iSARB iyehlise ngo-25 basic point (0,25%) inzalo yemalimboleko.
isinqumo seSARB ngenzalo yemalimboleko sizomenyezelwa nguMnu Lesetja Kganyago,ngoLwesine ziwu-31, emva komhlangano wekomidi eliqondene nemigomo yemali eSARB, iMonetary policy Committee (MPC).
OLUNYE UDABA:UNgqongqoshe wezeziMali u-Enoch Godongwana uhoxise ukunyuswa kwe-VAT
Laba abahlaziyi basho lokhu ngesikhathi bephawula ngombiko oveza izinga lamandla emali kubathengi, oshicilelwe yistats SA ngoLwesithathu.
Kulowo mbiko weStats SA,kuvele ukuthi amandla emali ahambe afinyelela ku-3% ngoNhlangulana (June), kade esuka ku-2,8% ngoNhlaba(May).
Lokhu kusho ukuthi ehlile amandla emali kubathengi ngenxa yokwenyuka kancane kwezindleko ngonhlangulana uma kuqhathaniswa nangoNhlaba(May).
Okubikwa ukuthi kube nomthelela kulokhu kunyuka kwezindleko,kube ukukhuphuka kwentango yokudla,yiziphuzo(ngaphandle kotshwala), nezinye izimpahla nezidingo zasendlini.
Phakathi kohlobo lokudla okubikwa ukuthi intengo yakho yenyuke kakhudlwana,yinyama namafutha.
Obhalile Bheki Ndlovana – ILANGA Newspaper
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
