
I-KwaZulu-Natal Provincial Joint Operational and Intelligence Structure (PROVJOINTS) isibeke izinyathelo zezokuphepha ezidingekayo ukuqinisekisa ukuthi isifundazwe siba nomjaho weComrades M,arathon ongenazigameko
Kulindeleke abasubathi abangaphezu kuka- 21 000 abazogijima kwi-99th Comrades Marathon ka-2026, i-Ultimate Human Race.
OLUNYE UDABA: Uthole itshe lemali uGerda Steyn ngokunqoba iComrades Marathon 2025
I-Comrades Marathon Association, isebenzisana namaphoyisa omgwaqo ase-Thekwini kanye nawaseMgungundlovu, imemezele ukuvalwa kwemigwaqo kanti abantu abasebenzisi imigwaqo banxuswa ukuba babambisane nabomthetho ngempelasonto ye-Comrades Marathon.
Umzila wonke we-Comrades Marathon umenyezelwe njengendawo okungamele kube khona ukundizisa imishini efana ne-drone kanye nezindiza ezinophephela emhlane ngaphandle uma unemvume. Noma yimaphi ama-drone angagunyaziwe ukuba andiziswe azokwehliswa ngokuhambisana nengalo yomthetho.
