
Itholwe ngempumelelo imto yohlobo lweVW Polo GTI edunwe endaweni yase-Sawfish eNewlands East ngoLwesithathu, ekuseni.
Le moto itholwe ngamalungu enkampani yonogada bakwa-KZNVIP esebenzisana nama-tracking agent kanye nezinye izinhlaka ezithintekayo zezimo eziphuthumayo.
OLUNYE UDABA: Utholwe eshonile osolwa ngokubamba inkunzi imoto yemali eKranskop
Kukholakala ukuthi abasolwa abane bahlasele isisulu ngesikhathi siphuma endaweni yaso ngaphambi kokusiduna imoto babaleke nayo. Ngenhlanhla, isisulu asizange silimale kodwa sithukile ngenxa yesigameko.
Kubikwa ukuthi imoto itholakale endaweni yaseNtuzuma eThekwini. Imoto itholakale isiqaliwe ukuqaqwa futhi ingasekho esimeni esikahle.
Akukaboshwa muntu okwamanje. Uphenyo luyaqhubeka.
