“Umsusa wezinkinga esibhekene nazo manje wukuthi sinemithetho nemigomo engasetshenziswa ngendlela efanelekile”

Iqembu elilwa nokufuduka ngokungemthetho iMarch and March lithe lizoqhubeka nokuvalwa kwezwe okuhlelelwe umhlaka-30 June 2026.

Njengoba umnqamlajuqu wangomhlaka-30 June 2026 wokuba abokufika ngokungemthetho bafulathele iNingizimu Afrika ususondela, iNational Informal Traders Alliance of South Africa (NITASA), emele abahwebi abangahlelekile abangaphezu kwezigidi ezimbili, ithi kugxilwe ezintweni ezingafanelekile.

Engxoxweni ye-Talk Radio 702, uNobhala Jikelele we-NITASA uSamuel Mampapatla uthe uyakbugxeka ubudlova, izinsongo kanye nokuhlukunyezwa kwabantu bakwamanye amazwe.

Kusenjalo, uphinde wavuma ukuthi abantu abaningi baseNingizimu Afrika bakhathazekile ngokufuduka ngokungemthetho, ingcindezi ezinsizeni zomphakathi, kanye nokuncintisana ngamathuba ezomnotho.

OLUNYE UDABA: IMarch and March ithi ikulungele ukuvala izwe

Nakuba kunjalo, ngesikhathi ebuka lezi zinkinga zombili, uMampapatla uthe abantu baseNingizimu Afrika bagxile enkingeni okungesiyo.

“Umsuka wezinkinga esibhekene nazo manje wukuthi sinemithetho nemigomo engasetshenziswa ngendlela efanelekile,” kusho uMampapatla.

UMampapatla uthe ukube imithetho isetshenziswa ngendlela efanele, iNingizimu Afrika ngabe ayinankinga nabantu bakwamanye amazwe.

Uthe ukube zikhona izinyathelo ezikahle, ngabe ukuphathwa kohlelo lwemingcele luyakuvimba ukungena ezweni ngokungemthetho luphinde luqhubeke nokuqapha abokufika ngokusemthethweni.

UMampatla wengeze ngokuthi inkinga enkulu ebambezela ukukhula kosomabhizinisi baseNingizimu Afrika ukuthi omasipala abaningi bayahluleka ukucubungula izimvume ngokwempumelelo, ukugcina amarekhodi aqondile, nokuhlinzeka ngengqalasizinda yokuhweba eyanele.

BusinessTech