
ISouth African National Blood Service ithi nakuba isitokwe sisezingeni elikahle uma kuqhathaniswa, abantu bayanxuswa ukuba baqhubeke nokunikela njengoba ukudingeka kwegazi kuyinto eyenzeka kungalindelekile.
Owe-SANBS uKhulekani Zuma uthe okwamanje banegazi elilingene izinsuku ezinhlanu.
Uthi ngesonto eledlule baqoqe amayunithi egazi angaphezu kwawu-800, okubabeka esigabeni esikahle.
OLUNYE UDABA: Buka: Owezemidlalo unikele ngoR20 000 kumlingisi
UZuma ukhuthaza abantu abanikela ngegazi ukuthi banikele unyaka wonke bangagcini ngokunikela ngamaholidi, ethi liyadingeka nsuku zonke ezibhedlela.
“Ngicela abantu baKwaZulu-Natal, ikakhulukazi. Akumele siqambe amanga. Ungaba negazi elanele elitokiwe namuhla kuthi ngakusasa livele lehle kanjalo nje ngenxa yezinga elihlezi liphezulu okudingeka kwalo.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit
