IMeya yeTheku ibenomhlanga nabaholi beMarch and March ngolwabokufika

IDolobha lihlela ukubambisana nenhlangano iMarch and March ngemikhankaso yokuqwashisa ngenkathi ibuyekeza imithetho kamasipala.

IMeya yaseThekwini uCyril Xaba ihlangane nabaholi beMarch and March.

Lokhu kulandela uchungechunge lwemibhikisho yale nhlangano ebiqhubeka edolobheni iTheku ngenxa yezinkinga zokufuduka ngokungemthetho.

UXaba uthi umhlangano noJacinta Ngobese-Zuma kanye noXolani Zuma ugxile nasodabeni lokudunwa kwamabhilidi.

Uthi uMasipala uzosebenzisana nale nhlangano kuchungechungeni lwemibukiso yasemgaqweni kanye nemikhankaso yokuqwashisa ehlose ukufundisa umphakathi.

OLUNYE UDABA: I-ANC eThekwini isekela ukukhathazeka ngokufuduka kwabantu ngokungemthetho

Lezi zinhlelo zizogxila kubanikazi bezindawo abaqashisa amabhizinisi abo ngokungemthetho kubantu bakwamanye amazwe abangenawo amaphepha abagunyaza ukuba kuleli.

IMeya iphinde yaqinisekisa ukuthi umasipala ubuyekeza imithetho yawo waphinde wakhuthaza inhlangano ukuthi isebenze ngokuzimisela kule nqubo.

IDolobha liphinde lixhumane noMnyango wezobuLungiswa mayelana nokusungulwa kwezinkantolo ezikhethekile ukubhekana nokuhlaselwa komhlaba kanye nezindawo okuhlalwa kuzo ngokungemthetho eThekwini.

UZuma wamukele umhlangano noMeya waphinde waqinisekisa ukuzibophezela kwenhlangano ekwenzeni imikhankaso enokuthula, ethi iyinhlangano yabantu abathobela umthetho.