
Osolwa ngokubulala iphoyisa ubulawe ngesikhathi kudutshulwana namaphoyisa.
Amaphoyisa ophiko loKlebe KwaZulu-Natal, KwaNgcolosi, lulandele umkhondo womsolwa eduze naseHillcrest, eshayela iloli elithwala impahla.
Umsolwa kuthiwa uvulele ngenhlamvu ebhekise emaphoyiseni okuholele ekutheni adubule ngoLwesithathu.
OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa abasolwa abahlalnu kudutshulwana namaphoyisa eGoli
Okhulumela oKlebe eKZN, uSimphiwe Mhlongo, uthe ubefunelwa icala lango-2-23 lokubulala iphoyisa uMnqobi Shange.
“Umsolwa ubefunelwa icala lokubulala amaphoyisa elenzeka ngomhlaka-28 May 2023 lapho uConstable Shange wayeshayela khona endaweni yaKwaNgcolosi wadutshulwa washona umsolwa.”
