Owethaveni okwashona kuyo izingane ezingu-21 uvumile ukuthi kwamhlula ukuzivimba

Umnikazi wethaveni eNyobeni uSiyakhangela Ndevu uvumile ukuthi kuwumsebenzi wakhe ukuqinisekisa ukuthi azikho izingane ezingaphansi kweminyaka ethaveni yakhe, ngesikhathi kushona izingane ezingaphansi kweminyaka engu-18 ubudala, ezingu-21 ngoJune 2022.

UNdevu ubethula ubufakazi ngesikhathi eseNkantolo yeMantshi yase-East London ebihlezi eMdantsane, e-Eastern Cape.

Uphenyo luhlose ukuthola ukuthi ngabe ukhona yini ongathweswa icala ngokufa kwezingane endaweni yokucima ukoma eseScenery Park e-East London.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Kuboshwe obekhiqiza utshwala bomgunyathi

UNdevu uthe wayesesikoleni sokusoka eyobhekana nezimo eziphuthumayo ezithinta indodana yakhe ngesikhathi efonelwa ngomunye wabasebenzi bakhe emazisa ngabathengi abebebaphoqa ukuthi bangene kule ndawo.

“Kungumsebenzi kabani ukuqinisekisa ukuthi abekho abantu abangaphansi kweminyaka? Kungumsebenzi wami kodwa ngeke ngilawule yonke into kunalokho kukhona abanye abantu engibabela umsebenzi ukuqinisekisa ukuthi akukho okumoshekayo.”

SABC

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)