
Kushone indoda eneminyaka engu-29 ubudala ngesikhathi kudutshulwana namaphoyisa aKwaZulu-Natal eMsinga.
Ngokusho kwamaphoyisa ophiko lwe-SAPS, amalungu e-Tactical Response Team (TRT) asebenzisa ulwazi lobunhloli mayelana nomsolwa okusolwa ukuthi uphethe isibhamu esingekho emthethweni.
Amaphoyisa afika endaweni lapho kukhona khona umsolwa, asondela endlini ngobuhlakani.
OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa abasolwa abane kwesokudubulana namaphoyisa eBellair
Ngaleso sikhathi, kuthiwa umsolwa uvulele ngenganono ebhekise emaphoyiseni.
Amaphoyisa abe esezibuyiselela ngemizamo yokuzivikela
Kushaqwe isibhamu sohlobo lwe-38 revolver nezinhlamvu.
eNCA
