Ugaxwe ozankosi owesifazane osolwa ngokubulala izingane zakhe ezimbili eNewcastle

Kubulawe amantombazane amabili endaweni yaseNewcatle kanti kusolwa umama wawo.

Kubikwa ukuthi enye yalezi zingane ibinezinyanga ezingu-9 izelwe kanti enye ibineminyaka emihlanu ubudala.

Imiqala yalama ntombazanyana ibisikwe ngommese, kubo,  lapho ehlala khona.

Owesifazane oneminyaka engu-25 ubudala- ongumama wezingane, ube eseshayela ucingo ubaba wezingane ohlala eThekwini emazisa ngasekwenzile.

Cishe ngezithuba zabo-17:00 ngoLwesine, ubaba walezi zingane wabe eseshayela isihlobo salo wesifazane ecela ukuba siyobheka.

OLUNYE UDABA: Udilikajele kowabulala ingoduso yakhe, ethe abalungise izinto

Lesi sihlobo sathola izidumbu zezingane ekamelweni lokulala, kodwa umama wayesebalekile endaweni.

Kutholakale imimese emibili egcwele igazi ngaphansi kombhede.

Amaphoyisa alandela umkhondo wowesifazane watholwa komunye umuzi oseMadadeni.

Lo wesifazane wayenenxeba emqaleni, elibhandishile, nokusolwa ukuthi watshela amaphoyisa ukuthi wazilimaza yena.

Lo wesifazane wabe eseboshwa.

eNCA