I-IPID yethula uphenyo ngephoyisa eliphezulu eKZN

Uphiko oluphenya amacala athinta amaphoyisa i-Independent Police Investigative Directorate (IPID) luthi seluqale uphenyo ngoKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi ngezinsolo zokuphazamisa ukuboshwa kwesikhulu esiphezulu soMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo.

Ngokusho kokhulumela i-IPID uLizzy Shuping, kusolwa ukuthi isigameko senzeka eRichards Bay ngo-2023.

“I-IPID icele uKhomishana wesiFundazwe ukuthi alethe isitatimende esifungelwe ungakadluli umhlaka-19 March 2025.

OLUNYE UDABA: Izakhamuzi zase-Amaoti zifuna kuliwe nobugebengu

UShuping uthe kufanele kwazeke ukuthi incwadi eyabhalelwa uLt General Mkhwanazi, eyibhalela yiBamba leNhloko yophenyo kwa-IPID, ethi uNgqongqoshe wamaPhoyisa acele i-IPID ukuthi iphenye uKhomishana wesiFundazwe, yabhalwa ngephutha.

“Lolu phenyo luyingenxa yezikhalo ezingaziwa ezivela emphakathini.”

UShuping uthe i-IPID isamile kwelokuthi nakuba ithola izikhalazo kanye nokuncinzwa indlebe okuvela emithonjeni eyahlukene, uphenyo lwayo luzimele futhi aluchemile.

“Uphenyo luselusha, kanti i-IPID izokhuluma ngalolu daba kuphela uma uphenyo seluphothuliwe.”

Khonamanjalo engxoxweni ekhethekile abe nayo ne-IOL ngesonto eledlule, uLieutenant-General Mkhwanazi uthe uqinisa isandla ezikhulwini ezikhohlakele ezingaphakathi kwezinhlaka zakhe.

Uthe kunomkhankaso we-smear okuhloswe ngawo ukuthi ahlehle.

“Ngivala ompompi bokuhlukunyezwa nenkohlakalo yangaphakathi yingakho ngikhonjwa indlela kodwa ngeke kungivimbe. Enye yezinto esibhekene nayo yi-SAPS Secret Fund.”

UMkhwanazi uthe akutholile wukuthi kunezikhulu nosopolitiki abathile abenza imali eshisiwe ngalesi sikhwama esiyimfihlo.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *