
Durban – UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThami Ntuli, uphezu kwezingxoxweni neHhovisi likaMengameli ngenhloso yokuthola imali yokusiza abakhahlanyezwe yizikhukhula.
Babalelwa kwabathathu abantu abadlule emhlabeni ngenxa yezikhukhul eThekwini kuleli sonto.
OLUNYE UDABA: “IKZN ayinayo imali eyanele yokulungisa umonakalo odalwe yizikhukhula”
Imindeni engaphezu kwenkulungwane ikhahlanyezwe yizimvula ezinamandla kanti kubikwa ukuthi indawo yaseNanda ingenye yezindawo ezishayeke kakhulu.
UNdunankulu uthe umonakalo odalwe yizikhukhula ulinganiselwa emalingi engu-R1-billion.
UNtuli uhambela izindawo ezithintekile ukuyobona ukuthi ungakanani umonakalo.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
