Isesitokisini indoda eyabulala 8 wabantu eMlazi

Amaphoyisa aKwaZulu-Natal aqinisekise ukuthi indoda okukholakala ukuthi iyona eyabulala inqwaba yabantu eMlazi igqunywe esitokisini.

Abantu abayisishiyagalombili abaneminyaka ephakathi kwengu-22 nengu-40 ubudala babulawa emjondolo yaseZama ngoMay.

Kubikwa ukuthi abasolwa abangaziwa bangena endlini okwakuhlezi kuyo izisulu bafike badubula zonke izisulu zashonela khona endaweni yesigameko.

Imbangela yesigameko sokubulala ibingakaziwa.

OLUNYE UDABA: Uhlalele ovalweni umphakathi waseMlazi kulandela isigameko sokubulawa kwabantu abangu-8

Abaseshi bathi le ndoda izovela okokuqala eNkantolo yeMantshi yaseMlazi ngoLwesibili.

Khonamanjalo, uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThami Ntuli, uncome amaphoyisa ngomsebenzi awenze ngempelasonso wokubopha izigilamkhuba.

“ Ubugebengu buyinkinga kulesi sifundazwe. Bunomthelela omubi ekutshalweni kwezimali nasemathubeni emsebenzi emisha. Muhle kakhulu umsebenzi wamaphoyisa.

“Benza kahle kakhulu, kodwa sigqugquzela amalungu omphakathi jikelele ukuthi abike izenzo zobugebengu emphakathini, ukuze siphumelele empini yokulwa nobugebengu.”

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)