Kufunwa amadoda amabili angasiza ngolwazi ecaleni lokubulala eLamontville

Amaphoyisa aseLamontville acela usizo lomphakathi kongaba nolwazi ukuthi uMelusi Ricardo Drummos benoThabani Gasa bakuphi nendawo.

Laba bobabili kungenzeka babe nolwazi olubalulekile ekuxazululeni icala lokubulala.

Womabili la madoda ayaziwa ukuthi ahlala eLamontville.

OLUNYE UDABA: Kufunwa abokufika ecaleni leZanzou lokuhlukumezwa  

NgeSonto, lwangomhlaka-22 June 2025 ngezithuba zabo-06h00, kwabulawa indoda eneminyaka engu-27 ubudala ekhoneni likaHull Drive noKhulu Street eLamontville.

Kusolakala ukuthi umufi nabangani bakhe babemi emgwaqeni ngesikhathi kufika abasolwa kubo, badubulala isisulu sashona, kusho isitatimende samaphoyisa.

Uma kukhona owaziyo ukuthi akuphi la madoda, uyacelwa ukuthi axhumane nomphenyi uDetective Constable Govender ku-079 500 0163, noma uCaptain Naidoo ku-082 411 6297.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)